U-ISAYA 31

Ubuze beGibithe

1 Wo kubona abehlela eGibithe

ukuba basizwe khona,

bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni,

ngokuba ziningi,

nakubo abamahhashi,

ngokuba benamandla;

kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli,

noJehova abamfuni.

2 Nokho naye uhlakaniphile,

uyakuletha okubi;

akayikubuyisa amazwi akhe,

kepha uyakuvukela indlu yababi

nosizo lwabenza okubi.

3 AbaseGibithe bangabantu,

abasiye uNkulunkulu,

amahhashi abo ayinyama,

awasiwo umoya,

nalapho uJehova eyakwelula isandla sakhe

uyakukhubeka naye osizayo,

kuwe naye osizwayo,

baphele bonke kanyekanye.

4 Ngokuba usho kanje kimi uJehova, uthi:

“Njengengonyama ebhongayo,

ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo,

lapho abelusi abaningi belibizelwe,

aliyikwesaba izwi labo,

lingazithobi ngomsindo wabo,

kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehla

ukuba alwe entabeni yaseSiyoni nasegqumeni layo.

5 Njengezinyoni ezindizayo

kanjalo uJehova, uJehova Sebawoti,

uyakulivikela iJerusalema;

uyakulivikela, alophule,

alidlule, alikhulule.”

6 Buyelani kuye enimhlubukile ngokujulileyo kangako nina bantwana bakwa-Israyeli.

7 Ngokuba ngalolo suku bayakulahla, kube yilowo nalowo izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide, ezizenzile izandla zenu zaba yisono senu.

8 “I-Asiriya liyakuwa ngenkemba,

kungengamuntu,

nenkemba engesiyo eyomuntu iyakuliqeda;

liyakubalekela usiko lwenkemba,

kepha izinsizwa zalo ziyakuba yizinceku zempoqo.

9 Idwala lakhe liyakunyamalala ngovalo,

nezikhulu zalo ziyakuphela amandla ngebhanela,”*

usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni,

nosithando sakhe siseJerusalema.