U-ISAYA 27

Ukubuyiswa kuka-Israyeli

1 Ngalolo suku uJehova uyakuhambela

ngenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandla

uLeviyathani,* inyoka esheshayo,

uLeviyathani, inyoka ethandelayo,

abulale udrako* oselwandle.

2 Ngalolo suku kuyakuba khona isivini esinxanelekayo.

“Hlabelelani ngaso.

3 Mina Jehova ngingumlindi waso,

ngiyakusinisela njalo;

funa soniwe, ngiyakusilinda ubusuku nemini.

4 Ukufutheka akukho kimi;

sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva!

Bengiyakuwasukela ngokulwa,

ngiwashise kanyekanye,

5 noma abambelele emandleni ami

ukuba enze ukuthula nami,

enzelane ukuthula nami.”

6 Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila,

u-Israyeli akhahlele, aqhakaze,

bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.

7 Ubashayile njengalokho ebashayile ababashayayo na?

Babulewe njengokubulawa kwababulewe nguye na?

8 Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa;

wabasusa ngomoya wakhe olukhuni

ngosuku lomoya wasempumalanga.

9 Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu,

lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe,

lapho enza ukuba onke amatshe e-altare

avithizeke njengamatshe omcako,

kungabe kusamiswa o-Ashera* nama-altare empepho.

10 Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize,

nekhaya limukelwe,

lishiyiwe njengehlane;

ithole liyakuklaba khona,

libuthise khona,

lidle, liqede amahlamvu awo.

11 Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa,

kufike abesifazane,

baphembe umlilo kuwo,

ngokuba bangabantu abangenakuqonda;

ngalokho owabenzayo akayikubahawukela,

nowababumbayo akayikuba namusa kubo.

12 Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli.

13 Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.