1 Thumani amawundlu ombusi wezwe
aphume eSela ngasehlane,
aye entabeni yendodakazi yaseSiyoni.
2 Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo,
njengamaphuphu ahlakazekileyo,
abe njalo amadodakazi akwaMowabi
emazibukweni ase-Arinoni.
3 “Lulekanani, nenze izinqumo,
ubeke isithunzi sakho njengobusuku
phakathi kwemini,
nithukuse abaxoshiweyo,
ningadaluli ababalekileyo.
4 Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabahlale kuwe;
mawube yisivikelo kubo ebusweni bomchithi.”
Lapho umcindezeli esephelile,
nokuchitha sekuyekiwe,
nabanyathelayo sebeqediwe ezweni,
5 kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa,
kuhlale kuso ngeqiniso
etendeni likaDavide
umahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.
6 Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabi
ukuthi uphakeme kakhulu,
nangokuzidla kwakhe
nokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakhe
nokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.
7 Ngalokho uMowabi uyaklewula ngoMowabi;
bonke bayakuklewula.
Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomvini
ezomileyo zaseKhiri Haresheti
nidabukile kakhulu.
8 Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunile
kanye nomvini waseSibima;
amakhosi ezizwe achithile amagatsha awo;
afinyelela naseJazeri, edukela nasehlane;
amahlumela awo elulwa,
awela ulwandle.
9 Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibima
njengokukhala kweJazeri,
ngikumanzise, Heshiboni, ngezinyembezi zami,
nawe Elehale,
ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakho
kuwile ukumemeza kwempi.
10 Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini;
nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa;
abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni;
ngenze ukuba kuphele ukumemeza.
11 Ngalokho inhliziyo yami
iyakhala njengehabhu* ngoMowabi,
nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.
12 Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala,
azikhathaze endaweni ephakemeyo,
aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze,
angaphumeleli.
13 Yileli izwi uJehova alikhulumayo ngoMowabi ngaleso sikhathi.
14 Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: “Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa, noma enezixuku eziningi; insali iyakuba ncane kakhulu, ingabi namandla.”