U-AMOSE 9

Ukuwa kwethempeli

1 Ngayibona iNkosi imi ngase-altare, yathi:

“Shaya izihloko zezinsika,

ukuze imigulugulu izamazame,

uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke;

abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba;

obalekayo kubo akayikubaleka,

nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.

2 Noma befohla endaweni yabafileyo,

isandla sami siyakubakhipha khona;

noma bekhuphukela ezulwini,

ngiyakubehlisa khona.

3 Noma becasha esiqongweni saseKarmeli,

ngiyakubafunisisa,

ngibakhiphe khona;

nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle,

ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume.

4 Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo,

ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale,

ngibeke amehlo ami kubo

kube kubi, kungabi kuhle.”

5 INkosi uNkulunkulu Sebawoti

yiyo ethinta umhlaba, uncibilike,

bakhale bonke abakhileyo kuwo;

uyakukhukhumala wonke njengeNayile,

ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;

6 yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini,

isekele igobela lawo emhlabeni;

yiyona ewabizayo amanzi olwandle,

iwathululele ebusweni bomhlaba;

nguJehova igama layo.

7 “Aninjengabantwana bakwaKushe kimi,

nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.

“Angikhuphulanga u-Israyeli ezweni laseGibithe,

namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na?”

Insali

8 “Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo;

ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba,

ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.

9 “Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza,

ngizulazulise indlu yakwa-Israyeli

phakathi kwabo bonke abezizwe,

njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo,

kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.

10 Zonke izoni zabantu bami ziyakufa ngenkemba,

zona ezithi: ‘Okubi akuyikusondela kithina, kusehlele.’ ”

Ukubuyiswa kuka-Israyeli

11 “Ngalolo suku

ngiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo,

ngivale imifantu yalo;

ngiyakumisa izihlephu zalo,

ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,

12 ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi

nelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami,”

usho uJehova okwenza lokhu.

13 “Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,

“lapho olimayo eyakufica ovunayo,

nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu;

izintaba ziyakuconsa iwayini,

amagquma onke ancibilike.

14 Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli,

bakhe imizi echithekileyo,

bahlale kuyo;

bayakutshala izivini,

baphuze iwayini lazo;

bayakwenza nezivande,

badle izithelo zazo.

15 Ngiyakubatshala ezweni labo,

bangabe besasishulwa ezweni labo engibanike lona,” usho uJehova uNkulunkulu wakho.