Ukujeziswa kuka-Israyeli
1 Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:
2 “Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba;
ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.”
3 Kuhamba ababili kanyekanye,
uma bengavumelananga, na?
4 Ingonyama iyabhodla ehlathini,
ingenampango, na?
Ibongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo,
uma lingabambanga lutho, na?
5 Inyoni iwela ogibeni emhlabathini,
ingenasihibe, na?
Ugibe luyaxhuma emhlabathini,
lungabambanga nokubamba, na?
6 Kungabethwa icilongo emzini,
bangesabi abantu, na?
Umuzi ungehlelwa ngokubi,
engakwenzamga uJehova, na?
7 Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho,
ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.
8 Ingonyama ibhongile,
ngubani ongayikwesaba na?
INkosi uJehova ikhulumile,
ngubani ongayikuprofetha na?
Ukwahlulelwa kweSamariya
9 Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi,
nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi:
“Buthanani ezintabeni zaseSamariya,
nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo,
nokucindezelwa okukulo.”
10 “Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova;
“babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”
11 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
“Isitha siyakulihaqa izwe,
sehlise kini izinqaba zenu,
ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.”
12 Usho kanje uJehova, uthi:
“Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama
imilenze emibili noma inxenye yendlebe,
kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa,
abahlala eSamariya ezingosini zezihlalo
naphezu kwezingubo zikasilika* zemibhede.”
13 “Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe, isho iNkosi uJehova, uNkulunkulu Sebawoti.
14 “Ngokuba mhla ngiyakumhambela u-Israyeli
ngeziphambeko zakhe,
ngiyakuhambela nama-altare aseBethele,
kunqunywe izimpondo ze-altare,
ziwe phansi.
15 Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo,
kuphele izindlu zophondo lwendlovu,
yebo, izindlu eziningi ziyakuphela,” usho uJehova.