KUMAHEBERU 8

UKristu usenguye umpristi omkhulu nasezulwini

1 Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,

2 isikhonzi sokungcwele nesetabernakele* lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu.

3 Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe nakho okuthile kokunikela.

4 Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumpristi nakanye, ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho,

5 bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,”

6 kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.

Isivumelwano esisha sikhulu kunesidala

7 Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala besingasoleki, bekungayikufunwa indawo yesibili.

8 Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo:

“Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi,

lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli,

nendlu kaJuda,

9 kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise

mhla ngibabamba ngesandla

ukubakhipha ezweni laseGibithe,

ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami,

nami angibanakanga, isho iNkosi.

10 Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli

emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi:

ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo,

ngiyilobe ezinhliziyweni zabo,

ngibe nguNkulunkulu wabo,

bona babe ngabantu bami.

11 Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo,

nalowo umfowabo, ngokuthi:

‘Yazi INkosi;’

ngokuba bonke bayakungazi,

kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.

12 Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo,

nezono zabo angisayikuzikhumbula.”

13 Ngokusho lokho ukuthi: “Esisha,” uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.