KUMAHEBERU 1

UKristu mkhulu kunezingelosi zonke

1 UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi,

2 ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.

3 Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,

4 seyaba nkulu kunezingelosi, njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo.

UKristu uyiNdodana kaNkulunkulu

5 Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:

“UyiNdodana yami wena,

namuhla ngikuzele,” na?

nokuthi:

“Ngiyakuba nguYise kuyona,

yona ibe yiNdodana kimina,” na?

6 Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi:

“Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”

7 Ngezingelosi uthi:

“Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya,

izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”

8 Kepha ngeNdodana uthi:

“Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu,

singesaphakade naphakade;

intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.

9 Uthandile ukulunga,

wazonda ububi;

ngalokho-ke uNkulunkulu,

uNkulunkulu wakho,

ukugcobile ngamafutha enjabulo

ngaphezu kwabafowenu,”

10 nokuthi:

“Wena Nkosi,

ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba;

amazulu angumsebenzi wezandla zakho.

11 Wona ayakubhubha,

kepha wena umi njalo;

wona onke ayakuguga njengengubo.

12 Njengesambatho uyakuwagoqonga,

njengengubo ayakuguquka.

Kepha wena unguye njalo,

iminyaka yakho ayiyukuphela.”

13 Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:

“Hlala ngakwesokunene sami,

ngize ngenze izitha zakho

zibe yisenabelo sezinyawo zakho,” na?

14 Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?