IZAGA 9

Ukuhlakanipha nobuwula

1 Ukuhlakanipha kwakhile indlu yakho;

kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa.

2 Kuhlabile umhlatshelo,

kuvubele iwayini lakho;

futhi kulungisile itafula lakho.

3 Kuthumile izintombi zakho, kuyamema

emagqumeni aphakemeyo omuzi, kuthi:

4 “Ongenalwazi makaphambukele lapha,”

kongenangqondo kuthi:

5 “Wozani nidle isinkwa sami,

niliphuze iwayini engilivubeleyo.

6 Yekani ubuwula, niphile,

nihambe ngendlela yokuqonda.

7 “Osola isideleli uzithathela inhlamba;

othethisa omubi uzitholela isisihla.

8 Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde;

thethisa isihlakaniphi,

siyakukuthanda.

9 Siphe isihlakaniphi,

siyakwanda ngokuhlakanipha;

fundisa olungileyo,

uyakwenezela emfundweni.

10 “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,

nokumazi oNgcwele kungukuqonda.

11 Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi,

neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.

12 Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele;

uma udelela,

uyakukuthwala wena wedwa.”

13 Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo,

ongazi lutho.

14 Uhlezi ngasemnyango wendlu yakhe

esihlalweni ezindaweni eziphakemeyo zomuzi

15 ukuba ameme abadlula endleleni,

abaqonda emikhondweni yabo,

ngokuthi:

16 “Ongenalwazi makaphambukele lapha,”

kongenangqondo uthi:

17 “Amanzi ebiweyo amnandi,

nesinkwa sentukuso singesenamisayo.”

18 Kepha akazi ukuthi kuyizithunzi ezilapho

nokuthi izimenywa zakhe zisezigodini zendawo yabafileyo.