Umkhuleko wokuzwelwa
1 Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho;
bheka, ubone ihlazo lethu.
2 Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi,
nezindlu zethu kwabezizwe.
3 Siyizintandane, asinababa;
omame banjengabafelokazi.
4 Amanzi ethu siyawaphuza ngemali,
izinkuni zethu ziza ngentengo.
5 Abasixoshayo basezintayeni zethu;
sikhathele, asinakuphumula.
6 Sinike isandla sethu kulo iGibithe
nakulo i-Asiriya ukuba sisuthe isinkwa.
7 Obaba bona abasekho;
thina sithwala ububi babo.
8 Izigqila ziyasibusa;
akakho osikhulula esandleni sabo.
9 Sithola ukudla kwethu ngokuzidela amathambo
ngenxa yenkemba yasehlane.
10 Isikhumba sethu siyasha njengeziko
ngokushisa kwendlala.
11 Balala nabesifazane eSiyoni,
izintombi zasemizini yakwaJuda.
12 Izikhulu zaphanyekwa ngezandla zabo;
ubuso babadala ababuhloniphanga.
13 Izinsizwa zathwala amatshe okugaya,
abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni.
14 Abadala baphelile esangweni,
nezinsizwa ekuhlabeleleni kwazo.
15 Intokozo yenhliziyo yethu iphelile;
ukusina kwethu kuphenduke ukulila.
16 Umqhele uwile ekhanda lethu.
Maye kithina, ngokuba sonile!
17 Ngalokho inhliziyo yethu idangele;
ngalezi zinto amehlo ethu afiphele,
18 ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile,
zize zihambe kuyo izimpungushe.
19 Wena Jehova umi phakade;
isihlalo sakho sobukhosi
sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.
20 Usikhohlelwani kuze kube phakade,
usishiye izinsuku eziningi, na?
21 Sibuyisele kuwe Jehova, siyakubuya;
yenza izinsuku zethu zibe zintsha njengasendulo,
22 ngokuba usilahlile nokusilahla,
wasithukuthelela kakhulu.