Intukuthelo kaJehova ngeJerusalema
1 Yeka ukufiphala kwegolide
nokuguquka kwegolide elihle!
Amatshe endlu engcwele ahlakazekile
ezingosini zazo zonke izitaladi.
2 Amadodana anqabileyo aseSiyoni,
elingene negolide elihle,
yeka ukuthiwa kwawo ayizitsha zebumba,
imisebenzi yezandla zombumbi!
3 Namakhanka ehlisa,
ancelise amazinyane awo.
Indodakazi yabantu bami isinonya, njengezintshe zasehlane.
4 Ulimi loncelayo lunamathela
olwangeni lwakhe ngokoma.
Izingane zicela isinkwa,
kepha akakho ozihlephulelayo.
5 Abakade bedla okumnandi
sebechithakele ezitaladini.
Ababekhuliswa ngokububende sebesingatha izala.
6 Ukona kwendodakazi yabantu bami
kukhulu kunesono saseSodoma
elachithwa ngokuphazima kweso,
kungasondelanga zandla kulo.
7 Abakhulu balo babehlambulukile kunongqoqwane,
babe mhlophe kunobisi;
imizimba yabo yayibomvana kunekorali,*
isimo sabo sasinjengesafire.*
8 Ubuso babo sebumnyama kunelahle,
abaziwa ezitaladini.
Isikhumba sabo sinamathela emathanjeni abo,
sishwabene, saba njengomuthi.
9 Babe ngcono ababebulawa
ngenkemba kunababebulawa ngendlala,
ababuna behlatshiwe ngokuswela ukudla kwensimu.
10 Izandla zabesifazane abahawukelayo
zapheka izingane zabo;
zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.
11 UJehova ufezile ukufutheka kwakhe,
uthululile ukufutheka kwentukuthelo yakhe;
uphembile umlilo eSiyoni oqedile izisekelo zalo.
12 Amakhosi omhlaba
ayengakholwa kanye nabo bonke abakhileyo ezweni
ukuthi abamelene nabo nezitha zabo
babeyakungena emasangweni aseJerusalema.
13 Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi balo
ababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.
14 Bazulazula njengezimpumputhe ezitaladini,
bengcolile ngegazi
ngangokuba zazingenakuthintwa izingubo zabo.
15 “Chezukani, ningcolile!”
bamemeza kubo:
“Chezukani, chezukani, ningathinti!”
Lapho bebaleka bezulazula,
bathi phakathi kwabezizwe:
“Abasayikugogobala lapha.”
16 Ubuso bukaJehova buyabahlakaza,
akasayikubanakekela.
Abahloniphi ubuso babapristi,
kababanga namusa kumalunga.
17 Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize;
ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.
18 Bazingela izinyathelo zethu
ukuba singahambi ezigcawini zethu.
Ukugcina kwethu kuseduze,
izinsuku zethu zigcwele,
yebo, ukugcina kwethu kufikile.
19 Abasixoshayo babenejubane kunezinkozi zezulu;
basizingela ezintabeni,
basiqamekela ehlane.
20 Umoya wamakhala ethu,
ogcotshiweyo kaJehova,
wabanjwa emigodini yabo,
esathi ngaye:
“Phansi kwethunzi lakhe
siyakuphila phakathi kwezizwe.”
21 Jabula, uthokoze,
ndodakazi yakwa-Edomi,
ohlala ezweni lase-Uzi.
Indebe iyakudlulela nakuwena;
uyakudakwa, uzenze nqunu.
22 Ububi bakho sebuphelile,
ndodakazi yaseSiyoni,
kasayikukuthumba.
Ububi bakho,
ndodakazi yakwa-Edomi,
uyakubuhambela,
azambule izono zakho.