ISIHLABELELO SEZIHLABELELO 6

Abangane:

1 Othandiweyo wakho uyephi,

wena muhlekazi phakathi kwabesifazane;

ushonephi othandiweyo wakho

ukuba simfune kanye nawe na?

2 Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe,

ezindimeni zamakha,

ukuba aluse ensimini,

akhe iminduze.

Umakoti:

3 Mina ngingowothandiweyo wami,

nothandiweyo wami ungowami,

lapho alusa phakathi kweminduze.

Umyeni ubabaza umakoti wakhe

4 Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa,

umnandi njengeJerusalema,

kepha wesabeka njengezimpi.

5 Susa amehlo akho kimi,

ngokuba ayangiphaphathekisa;

izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi

owehla entabeni yakwaGileyadi.

6 Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukazi

ezikhuphuka zigeziwe,

zinamawele zonke,

kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.

7 Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati*

emva kwemvakazi yakho.

8 Amakhosikazi angamashumi ayisithupha,

nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili,

nezintombi azinakubalwa.

9 Kepha ijuba lami,

opheleleyo wami munye nje;

ungoyedwa kunina,

ungokhethiweyo wakhe owamzalayo.

Amantombazana ayambona,

athi ubusisiwe;

amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.

Abangane:

10 Ngubani lo olunguza njengokusa,

emuhle njengenyanga,

ecwebile njengelanga,

kepha esabeka njengezimpi, na?

Umnyeni:

11 Ngehlela ensimini yamantongomane

ukuyobona uhlaza lwesigodi,

nokubona uma imivini iqhakazile,

namapomegranati* uma ekhahlele.

12 Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibeka

enqoleni yabantu benkosana yami.

Abangane:

13 Phenduka, phenduka, mShulamiti!

Phenduka, phenduka ukuba sikubuke!

Umnyeni:

Nibonani kumShulamiti?

Kunjengokusina kwaseMahanayimi.