Umakoti ulangazelela umyeni
1 Isihlabelelo sezihlabelelo esingesikaSolomoni.
Umakoti:
2 Makangange ngokwanga komlomo wakhe!
Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini.
3 Amafutha akho anephunga elimnandi;
igama lakho linjengamafutha athululiweyo;
ngalokho izintombi ziyakuthanda.
4 Ngidonse emva kwakho, sigijime;
inkosi isingingenisile emakamelweni ayo.
Abangane:
Siyakujabula, sithokoze ngawe,
sikhulume ngothando lwakho kunewayini.
Umakoti:
Kufanele ukuba bakuthande.
5 Ngimnyama, kepha ngimuhle,
madodakazi aseJerusalema,
njengamatende akwaKedari,
njengezilenge zikaSolomoni.
6 Ningangibuki ukuthi ngimnyamana,
ngokuba ilanga lingifusile.
Amadodana kamame angifutha,
angenza umlindizivini,
kepha isivini esingesami angisilindanga.
7 Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami
ukuthi waluselaphi,
uphumuzaphi umhlambi emini,
ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyo
ngasemihlambini yabangane bakho na?
Abangane:
8 Uma ungakwazi
wena muhlekazi phakathi kwabesifazane,
phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi,
waluse amazinyane akho
ngasematendeni abelusi.
Ukuphendulana komyeni nomakotiUmnyeni:
9 Ngikufanisa nehhashi lensikazi lezinqola zikaFaro,
sithandwa sami.
10 Izihlathi zakho zinhle
kangakanani zinezintambo zobuhlalu,
nentamo yakho ineminaka.
11 Siyakukwenzela izintambo zobuhlalu begolide,
namaqhosha esiliva.
Umakoti:
12 Inkosi isahlezi ngasetafuleni layo
inadi* lami lathaphuka iphunga lalo.
13 Othandiweyo wami ungumshuqulu
wemure* kimi,
olele phakathi kwamabele ami.
14 Othandiweyo wami uyihlukuzo lezimbali zehena*
ezivinini zase-Eni Gedi.
Umnyeni:
15 Bheka, umuhle, sithandwa sami!
Bheka, umuhle!
Unamehlo amajuba.
Umakoti:
16 Bheka, umuhle, othandiweyo wami!
Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza.
Umnyeni:
17 Imishayo yendlu yethu iyimisedari,*
nemiqhadi iyimisayipuresi.*