AMAHUBO 99

UNkulunkulu ungoNgcwele

1 UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu;

uhlezi phezu kwamakherubi;* mawuzamazame umhlaba.

2 UJehova mkhulu eSiyoni,

uphakeme phezu kwezizwe zonke.

3 Mababonge igama lakho elikhulu nelesabekayo;

ungcwele yena.

4 Amandla eNkosi athanda okulungileyo,

umisile ubuqotho;

ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.

5 Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu,

nikhuleke ngasesanabelweni sezinyawo zakhe;

ungcwele yena.

6 OMose no-Aroni babe phakathi kwabapristi bakhe;

uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni lakhe.

Bakhuleka kuJehova,

yena waphendula.

7 Wakhuluma kubo esensikeni yefu;

bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.

8 Jehova Nkulunkulu wethu,

wena ubaphendulile,

waba kubo uNkulunkulu othethelelayo

nophindiselayo ngezenzo zabo.

9 Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu,

nikhuleke ngasentabeni yakhe engcwele,

ngokuba ungcwele uJehova uNkulunkulu wethu.