AMAHUBO 96

Ukudunyiswa kukaNkulunkulu yizizwe zonke

1 Hlabelelani kuJehova ihubo elisha,

nihlabelele kuJehova,

mhlaba wonke.

2 Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe,

nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.

3 Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe,

izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.

4 Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu;

uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.

5 Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,

kepha uJehova walenza izulu.

6 Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;

amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.

7 Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu,

mnikeni uJehova inkazimulo namandla.

8 Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe,

nilethe umnikelo,

ningene emagcekeni akhe.

9 Khulekani kuJehova,

nihlobe ubungcwele;

thuthumela ebusweni bakhe,

mhlaba wonke.

10 Thanini phakathi kwabezizwe: “UJehova uyinkosi,”

izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa;

uthetha amacala ezizwe ngobuqotho.

11 Malijabule izulu, umhlaba uthokoze;

maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo.

12 Mawename amasimu nakho konke okukuwo,

ijabule imithi yonke yehlathi

13 ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza,

yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba;

uyakwahlulela izwe ngokulunga,

nezizwe ngokuthembeka kwakhe.