AMAHUBO 95

Ukubonga nokulalela uNkulunkulu

1 Wozani simhubele uJehova,

sihlabelele ngenjabulo kulo idwala lensindiso yethu.

2 Masize phambi kobuso bakhe ngokubonga,

sihlabelele kuye ngamahubo.

3 Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu,

uyinkosi enkulu phezu kwawonkulunkulu bonke.

4 Esandleni sakhe kukhona ukujula komhlaba;

iziqongo zezintaba ngezakhe nazo.

5 Ulwandle ngolwakhe, walwenza;

nomhlabathi owomileyo izandla zakhe zawubumba.

6 Wozani; masikhuleke, sikhothame,

siguqe phambi kukaJehova,

uMenzi wethu.

7 Ngokuba yena unguNkulunkulu wethu,

thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe.

Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,

8 ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeriba,

njengasosukwini lwaseMasa ehlane,

9 lapho oyihlo bangilinga khona, bangivivinya,

babona umsebenzi wami.

10 Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane,

ngaze ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile,

abazazanga izindlela zami,”

11 engafunga ngabo olakeni lwami, ngathi:

“Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”