UNkulunkulu waphakade uyisiphephelo sabantu bakhe
Kumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni.* Elika-Asafa. Ihubo.
1 Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu,
ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.
2 Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi;
ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali;
umphefumulo wami wala ukududuzwa.
3 Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula;
ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla.Sela*
4 Uzibambile izinkophe zamehlo ami, angavaleki;
ngikhathazekile,
angisakwazi ukukhuluma.
5 Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo,
ngeminyaka yaphakade.
6 Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu,
ngizindla enhliziyweni yami;
nomoya wami uyahlolisisa.
7 INkosi iyakulahla kuze kube phakade na?
Ayisenakuphinda ibe nomusa na?
8 Umusa wayo unqamukile njalo yini na?
Isithembiso siphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?
9 UNkulunkulu ukhohliwe ukuba abe nomusa na?
Uvalele ububele bakhe ngolaka na?Sela*
10 Ngase ngithi:
“Yilokhu ukuhlupheka kwami,
ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.”
11 Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova,
yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo,
12 ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho,
ngizindle ngezenzo zakho.
13 Indlela yakho, Nkulunkulu, isebungcweleni;
ngubani ongunkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu na?
14 Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso;
amandla akho uwazisile ezizweni.
15 Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho,
amadodana kaJakobe noJosefa.Sela*
16 Amanzi akubona, Nkulunkulu,
amanzi akubona, athuthumela,
nezintwa zazamazama.
17 Amafu athela amanzi,
izulu laduma,
imicibisholo yakho yaphuma.
18 Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini;
imibani yakhanyisa izwe;
umhlaba wadikizela, wazamazama.
19 Indlela yakho yayiselwandle,
nomendo wakho wawusemanzini amaningi,
kodwa izinyathelo zakho zazingaziwa.
20 Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.