Umahluleli wezwe nesitsha sakhe sentukuthelo
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. Ihubo lika-Asafa. Igama.
1 Siyakubonga, Nkulunkulu, siyabonga;
igama lakho liseduze;
balanda izimangaliso zakho.
2 Lapho ngiyakugcina isikhathi esimisiweyo,
ngiyakwahlulela ngokulunga.
3 Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhe kuwo;
mina ngimisile izinsika zawo.Sela*
4 Ngithe kwabazidlayo: “Ningazidli,”
nakwababi: “Ningaphakamisi uphondo.
5 Ningaluphakamiseli phezulu uphondo lwenu,
ningajoqi ngentamo elukhuni.”
6 Ngokuba ukuphakanyiswa akuveli empumalanga
nasentshonalanga nasehlane lasezintabeni,
7 kepha uNkulunkulu ungumahluleli;
omunye uyamehlisa,
omunye amphakamise.
8 Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha;
iwayini liyakhephuza;
sigcwele ngeliqungiweyo,
yona iyathulula ngaso;
impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo,
bayiphuze.
9 Kepha mina ngiyakumemezela ngakho kuze kube phakade,
ngidumise uNkulunkulu kaJakobe.
10 Zonke izimpondo zababi ngiyakuzinquma;
kepha izimpondo zolungileyo ziyakuphakanyiswa.