AMAHUBO 72

Ukukhulekela ogcotshiweyo kaNkulunkulu

ElikaSolomoni.

1 Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakho

nendodana yenkosi ukulunga kwakho.

2 Iyakwahlulela isizwe sakho

ngeqiniso nezihlupheki zakho ngemfanelo.

3 Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu;

kanjalo namagquma, ngokulunga.

4 Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu,

isindise abantwana babampofu,

imphohloze onokhahlo.

5 Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga,

izizukulwane ngezizukulwane.

6 Iyakwehla njengemvula edlelweni,

njengesihlambi esimatisa umhlaba.

7 Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza,

kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.

8 Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle,

kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.

9 Abakhe ehlane bayakukhothama phambi kwayo;

izitha zayo zizakukhotha uthuli.

10 Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho;

amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.

11 Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo;

zonke izizwe ziyakuyikhonza.

12 Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo,

nohluphekayo ongenamsizi.

13 Iyakuhawukela odangeleyo nompofu;

iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.

14 Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni;

igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.

15 Iyakuphila, bayinike igolide laseSheba,

bayithandazele njalo,

bayibusise lonke usuku.

16 Kuyakuba khona inala kakolweni ezweni

esiqongweni sezintaba;

ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni;

abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.

17 Igama layo liyakuma kuze kube phakade;

igama layo liyakuxhanta,

lisekhona ilanga;

bayakuzibusisa ngayo;

bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.

18 Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli,

onguye yedwa owenza izimangaliso.

19 Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade,

umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.

20 Imikhuleko kaDavide indodana kaJese isaphelile.