Ukubonga izibusiso zikaNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo. Igama.
1 UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise;
makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu,Sela*
2 ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni,
insindiso yakho kubo bonke abezizwe.
3 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu;
mabakubonge abantu bonke.
4 Izizwe mazijabule, zethabe;
ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga,
uzihola izizwe emhlabeni.Sela*
5 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu;
mabakubonge abantu bonke.
6 Umhlaba uthelile izithelo zawo;
uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.
7 UNkulunkulu uyasibusisa;
imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.