AMAHUBO 65

Ukubonga izipho zikaNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Igama.

1 Udumiso luhlalela wena Nkulunkulu eSiyoni,

nesithembiso siyakugcwaliswa kuwe.

2 Wena ozwayo imikhuleko,

beza kuwe bonke abantu.

3 Izenzo ezimbi zangahlula;

iziphambeko zethu uyaziyekela.

4 Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo

ukuba ahlale emagcekeni akho;

siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho,

ithempeli lakho elingcwele.

5 Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni,

Nkulunkulu wensindiso yethu,

wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba

nelolwandle olukude;

6 yena omisa izintaba ngamandla akhe,

obhince amandla;

7 othulisa ukuduma kwezilwandle,

inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.

8 Abakhile emikhawulweni yomhlaba

bayesaba ngezibonakaliso zakho;

uyethabisa impumalanga nentshonalanga.

9 Uhambela umhlaba, unisa imvula,

uwuvundisa kakhulu;

umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi;

ubalungisela abantu ukudla,

ngokuba uwulungisa kanjalo umhlaba.

10 Umatisa imisele yawo,

ulalisa amasoyi awo;

uwuthambisa ngezihlambi,

ubusise okumila kuwo.

11 Umnyaka uyawuhlobisa ngobumnene bakho,

nemikhondo yakho iconsa amafutha.

12 Amadlelo asehlane ayaconsa;

amagquma abhinca injabulo.

13 Amadlelo embethe izimvu,

nezigodi zisibekelwe ngamabele;

konke kuyajabula, kuhlabelele.