AMAHUBO 60

Umkhuleko wocela ukusizwa ekunqobeni kwezitha

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Umnduze; ubufakazi. IMiktamu* likaDavide, ekulweni kwakhe nama-Aramu Naharayimi nama-Aramu Soba, uJowabe ebuya, enqoba abakwa-Edomi esiGodini Sikasawoti abayizinkulungwane eziyishumi nambili.

1 Nkulunkulu usilahlile, usichithile;

mawubuye usilulamise.

2 Uzamazamisile umhlaba, wawudabula izimfa;

zivale izimfa zawo,

ngokuba uyazamazama.

3 Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima;

usiphuzisile iwayini, sabhuyazela.

4 Abakwesabayo ubanike ibhanela* ukuba liphakanyiswe ngenxa yeqiniso.Sela*

5 Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe,

sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.

6 UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi:

“Ngiyakwethaba;

ngiyakulidabula iShekemi,

ngisilinganise isiGodi saseSukoti.

7 Ngowami uGileyadi,

ngowami uManase;

u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami,

uJuda uyintonga yami yokubusa.

8 UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela;

phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami;

yethaba ngami, Filistiya.”

9 Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na?

Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?

10 Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na?

Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.

11 Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni,

ngokuba ukusiza komuntu kuyize.

12 NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla;

yena uyakunyathela phansi izitha zethu.