AMAHUBO 59

Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu,* mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale.

1 Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami,

ngivikele kwabangivukelayo;

2 ngikhulule kwabenza okubi,

ngisindise kubantu begazi.

3 Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami;

iziqhwaga ziyangihlanganyela,

kungekho siphambeko,

kungekho sono kimi, Jehova.

4 Ziyagijima, zizilungisele,

kungekho cala kimi;

vuka, ungihlangabeze, ubone.

5 Wena kambe,

Jehova Nkulunkulu Sebawoti,

Nkulunkulu ka-Israyeli,

vuka uphindisele bonke abezizwe,

ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo.Sela*

6 Bayabuya kusihlwa,

bahlaba umkhulungwane njengenja,

bezula emzini.

7 Bheka, bayampompa ngomlomo wabo,

kukhona izinkemba ezindebeni zabo,

ngokuba bathi:

“Ngubani ozwayo na?”

8 Kepha wena Jehova uyabahleka;

uyabaklolodela bonke abezizwe.

9 Mandla ami, ngiyakulindela wena,

ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.

10 UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe;

uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.

11 Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe;

zizulise ngamandla akho,

uzilahle phansi, Nkosi,

sihlangu sethu.

12 Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo;

mazibanjwe ekuzidleni kwazo

nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.

13 Ziqede ngokuthukuthela,

ziqede zingabe zisabakho;

mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe,

kuze kube semikhawulweni yomhlaba.Sela*

14 Ziyabuya kusihlwa;

zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.

15 Zizulazulela ukudla;

uma zingasuthi, zihlala nasebusuku.

16 Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,

ngethabele umusa wakho ekuseni,

ngokuba uyinqaba yami,

nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.

17 Mandla ami, ngizakuhubela wena;

ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami,

unguNkulunkulu wami womusa.