Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu,* mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale.
1 Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami,
ngivikele kwabangivukelayo;
2 ngikhulule kwabenza okubi,
ngisindise kubantu begazi.
3 Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami;
iziqhwaga ziyangihlanganyela,
kungekho siphambeko,
kungekho sono kimi, Jehova.
4 Ziyagijima, zizilungisele,
kungekho cala kimi;
vuka, ungihlangabeze, ubone.
5 Wena kambe,
Jehova Nkulunkulu Sebawoti,
Nkulunkulu ka-Israyeli,
vuka uphindisele bonke abezizwe,
ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo.Sela*
6 Bayabuya kusihlwa,
bahlaba umkhulungwane njengenja,
bezula emzini.
7 Bheka, bayampompa ngomlomo wabo,
kukhona izinkemba ezindebeni zabo,
ngokuba bathi:
“Ngubani ozwayo na?”
8 Kepha wena Jehova uyabahleka;
uyabaklolodela bonke abezizwe.
9 Mandla ami, ngiyakulindela wena,
ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.
10 UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe;
uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.
11 Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe;
zizulise ngamandla akho,
uzilahle phansi, Nkosi,
sihlangu sethu.
12 Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo;
mazibanjwe ekuzidleni kwazo
nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.
13 Ziqede ngokuthukuthela,
ziqede zingabe zisabakho;
mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe,
kuze kube semikhawulweni yomhlaba.Sela*
14 Ziyabuya kusihlwa;
zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.
15 Zizulazulela ukudla;
uma zingasuthi, zihlala nasebusuku.
16 Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,
ngethabele umusa wakho ekuseni,
ngokuba uyinqaba yami,
nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.
17 Mandla ami, ngizakuhubela wena;
ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami,
unguNkulunkulu wami womusa.