AMAHUBO 58

Umkhuleko wocela ukuthotshiswa kwabahluleli ababi

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu.*

1 Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na?

Madodana abantu,

nahlulela ngobuqotho na?

2 Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi;

ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu.

3 Ababi bahlubuka kwasesizalweni,

abaqamba amanga baduka kwasesiswini.

4 Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka;

banjengebululu eliyisithulu,

elivimba indlebe yalo,

5 lingalaleli izwi lezinyanga

ezilumba amalumbo ngokuhlakanipha.

6 Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu!

Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova!

7 Mabaphele njengamanzi agobhozayo;

nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe,

mayibe sengathi iqundekile.

8 Mababe njengomnenke oncibilika, uphele,

njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga.

9 Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva,

uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.

10 Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo;

uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi,

11 abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo;

impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.”