AMAHUBO 56

Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni ezizungezayo

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ijuba elithulayo emajukujukwini. ElikaDavide. IMiktamu,* ekubanjweni kwakhe ngamaFilisti eGati.

1 Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu,

ngokuba abantu bafuna ukungigwinya;

usuku lonke bayangicindezela belwa.

2 Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke;

ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.

3 Mhla ngesabayo

ngiyakwethemba wena.

4 KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;

ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;

inyama ingangenzani na?

5 Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke;

yonke imicabango yabo iqonde ukungona.

6 Bayabuthana, baqamekele,

baqaphele izinyathelo zami,

njengokuba beqamekela umphefumulo wami.

7 Bayakuphunyuka yini ebubini babo na?

Diliza izizwe ngentukuthelo, Nkulunkulu.

8 Ukuzula kwami ukubalile wena;

yetha izinyembezi zami egabheni lakho;

azikho encwadini yakho na?

9 Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo;

ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.

10 KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi;

kuJehova ngiyakulidumisa izwi.

11 Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba;

umuntu angangenzani na?

12 Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami;

ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.

13 Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni

nezinyawo zami ekuweni,

ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkulu

ekukhanyeni kwabaphilayo.