AMAHUBO 53

Ukukhala ngobuwula nobubi babantu

Kumholi wokuhlabelela. NgeMahalati.* IMaskili* likaDavide.

1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso:

“Akakho uNkulunkulu,”

iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka;

akakho owenza okuhle.

2 UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babantu

ukubona uma kukhona yini onokuqonda,

ofuna uNkulunkulu.

3 Baphambukile bonke,

bonakele bonke;

akakho owenza okuhle,

akakho noyedwa.

4 Abanakwazi yini abenza okubi,

abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa,

bengakhuleki kuNkulunkulu.

5 Besaba nokwesaba,

lapho kungekho okwesabisayo;

ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe;

wena ubajabhisile,

ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.

6 Sengathi kungavela ukusindiswa kuka-Israyeli eSiyoni.

Kuyakuthi lapho uNkulunkulu eguqula ukuthunjwa kwabantu bakhe,

uJakobe ethabe, u-Israyeli ajabule.