AMAHUBO 52

Ukukhala ngobubi bomkhapheli ozigabisayo

Kumholi wokuhlabelela. IMaskili* likaDavide ekufikeni kukaDowegi wakwa-Edomi emazisa uSawule, ethi kuye: “UDavide ufikile endlini ka-Ahimeleki.”

1 Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na?

Umusa kaNkulunkulu umi njalo.

2 Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo,

wena owenza amacebo.

3 Uthanda okubi kunokuhle,

namanga kunokukhuluma ukulunga.Sela*

4 Uthanda onke amazwi okubhubhisa wena lulimi lwenkohliso.

5 Ngakho-ke uNkulunkulu uyakukubhidliza kuze kube phakade;

uyakukubamba, akukhiphe etendeni lakho,

akusiphule ezweni labaphilayo.Sela*

6 Abalungileyo bayakukubona, besabe;

bayakumhleka, bathi:

7 “Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe yinqaba yaso,

kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.”

8 Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza

endlini kaNkulunkulu;

ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo

kuze kube phakade naphakade.

9 Ngizakukudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile;

ngizakulindela igama lakho,

ngokuba lihle phambi kwabangcwele bakho.