AMAHUBO 48

Ngobuhle bomuzi kaNkulunkulu waseSiyoni

Igama. Ihubo lamadodana kaKora.

1 Mkhulu uJehova, udunyiswa kakhulu

emzini kaNkulunkulu wethu entabeni yakhe engcwele.

2 Inhle ngokuphakama,

ingukuthokoza komhlaba wonke

intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho,

umuzi weNkosi enkulu.

3 UNkulunkulu uyaziwa ezindlini zawo zobukhosi

ukuthi uyinqaba.

4 Ngokuba bheka, amakhosi abuthana;

aqhubeka kanyekanye.

5 Abona, ayesemangala;

ashaywa luvalo, aphaphatheka.

6 Ehlelwa lapho ngukuthuthumela,

yivuso njengakobelethayo.

7 Ngomoya wasempumalanga

waphula imikhumbi yaseTharishishi.

8 Njengalokho sizwile,

kanjalo sikubonile

emzini kaJehova Sebawoti,

emzini kaNkulunkulu wethu;

uNkulunkulu uyakuwumisa kuze kube phakade.Sela*

9 Siyazindla ngomusa wakho, Jehova,

siphakathi ethempelini lakho.

10 Njengalo igama lakho, Nkulunkulu,

kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba;

isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.

11 Mayijabule intaba yaseSiyoni,

kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho.

12 Zungezani iSiyoni, nilikake,

nibale imibhoshongo yalo.

13 Qaphelani izindonga zalo,

nidabule izindlu zalo zobukhosi,

ukuze nilandisele isizukulwane esizayo.

14 Ngokuba lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu phakade naphakade;

uzakusihola kuze kube sekufeni.