Ngobuhle bomuzi kaNkulunkulu waseSiyoni
Igama. Ihubo lamadodana kaKora.
1 Mkhulu uJehova, udunyiswa kakhulu
emzini kaNkulunkulu wethu entabeni yakhe engcwele.
2 Inhle ngokuphakama,
ingukuthokoza komhlaba wonke
intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho,
umuzi weNkosi enkulu.
3 UNkulunkulu uyaziwa ezindlini zawo zobukhosi
ukuthi uyinqaba.
4 Ngokuba bheka, amakhosi abuthana;
aqhubeka kanyekanye.
5 Abona, ayesemangala;
ashaywa luvalo, aphaphatheka.
6 Ehlelwa lapho ngukuthuthumela,
yivuso njengakobelethayo.
7 Ngomoya wasempumalanga
waphula imikhumbi yaseTharishishi.
8 Njengalokho sizwile,
kanjalo sikubonile
emzini kaJehova Sebawoti,
emzini kaNkulunkulu wethu;
uNkulunkulu uyakuwumisa kuze kube phakade.Sela*
9 Siyazindla ngomusa wakho, Jehova,
siphakathi ethempelini lakho.
10 Njengalo igama lakho, Nkulunkulu,
kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba;
isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.
11 Mayijabule intaba yaseSiyoni,
kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho.
12 Zungezani iSiyoni, nilikake,
nibale imibhoshongo yalo.
13 Qaphelani izindonga zalo,
nidabule izindlu zalo zobukhosi,
ukuze nilandisele isizukulwane esizayo.
14 Ngokuba lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu phakade naphakade;
uzakusihola kuze kube sekufeni.