UNkulunkulu ungumbusi wezinto zonke
Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Ihubo.
1 Shayani izandla, zizwe zonke;
hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa.
2 Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka;
uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.
3 Wathobisa abantu phansi kwethu,
nezizwe phansi kwezinyawo zethu.
4 Wasikhethela ifa lethu,
udumo lukaJakobe amthandayo.Sela*
5 UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma,
uJehova ngokukhala kwecilongo.
6 Hubelani uNkulunkulu, hubani!
Hubelani iNkosi yethu, hubani!
7 Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke;
hubani ihubo!
8 UNkulunkulu uyabusa izizwe;
uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele sobukhosi.
9 Izikhulu zabantu zibuthene,
zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama,
ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu;
uphakeme kakhulu.