AMAHUBO 43

Ukukhuleka kuNkulunkulu, umahluleli wezinto zonke

1 Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa,

ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.

2 Ngokuba wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami;

ungilahleleni na?

Ngihambelani ngilila,

ngicindezelwe yisitha, na?

3 Thuma ukukhanya kwakho neqiniso lakho,

kungihole, kungiyise entabeni yakho engcwele

nasezindlini zakho,

4 ngize ngifike kulo i-altare likaNkulunkulu,

kuNkulunkulu wenjabulo yokwethaba kwami,

ngikudumise ngehabhu,* Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.

5 Yini ukuba udangale,

mphefumulo wami,

uyaluze phakathi kwami, na?

ngisezakumdumisa yena

oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.