AMAHUBO 40

Ukwethemba insindiso evela kuJehova

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo.

1 Bengilindela uJehova;

wayesezikhothamisela kimi,

wezwa ukukhala kwami.

2 Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi,

wamisa izinyawo zami edwaleni,

waqinisa izinyathelo zami.

3 Wabeka igama elisha emlonyeni wami,

igama lokubonga uNkulunkulu wethu;

abaningi bayakukubona, besabe,

bamethembe uJehova.

4 Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova,

ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.

5 Jehova Nkulunkulu wami,

ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo,

nezizindlo zakho ngathi;

akukho okungafaniswa nawe;

uma ngiyilanda, ngiyisho,

miningi kunokuba ibalwe.

6 Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi;

izindlebe zami uzibhobozile;

umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.

7 Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza;

encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi:

8 Ngiyathanda ukwenza intando yakho,

Nkulunkulu wami,

nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”

9 Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu;

bheka, angizivalanga izindebe zami;

Jehova, wena uyakwazi.

10 Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami;

ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho;

umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu.

11 Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;

umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.

12 Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile,

iziphambeko zami zingificile,

angaze ngaba nakubona;

ziningi kunezinwele zekhanda lami;

inhliziyo yami ingishiyile.

13 Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule;

Jehova, mawuphuthume ungisize.

14 Mabajabhe, babe namahloni bonke

abafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe;

abafisa ukulimala kwami

mababuyiselwe emuva, bajabhiswe.

15 Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi:

“Ashila, ashila!”

16 Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo;

abathanda insindiso yakho mabasho

njalo, bathi:

“Makadunyiswe uJehova.”

17 Noma ngihlupheka, ngimpofu,

iNkosi iyanginaka;

wena ungumsizi wami noMsindisi wami;

Nkulunkulu wami, mawungalibali.