AMAHUBO 34

Ukubonga umusa kaNkulunkulu

ElikaDavide mhla ezishaya uhlanya phambi kuka-Abimeleki owamxosha waze wamuka.

1 Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;

ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.

2 Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova;

abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.

3 Mtuseni uJehova kanye nami,

siphakamise igama lakhe kanyekanye.

4 Ngamfuna uJehova, wangiphendula;

wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.

5 Babheka kuye phezulu, bakhanya;

ubuso babo abusoze bajabha.

6 Nasi isihlupheki esakhala,

uJehova wezwa,

wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.

7 Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.

8 Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;

ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

9 Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe,

ngokuba abasweli lutho abamesabayo.

10 Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,

kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.

11 Zanini, bantwana, ningilalele;

ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.

12 Ngumuphi umuntu othanda ukuphila,

ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?

13 Londa ulimi lwakho kokubi,

nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.

14 Deda kukho okubi, wenze okuhle;

funa ukuthula, ukujonge.

15 Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;

izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.

16 Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi

ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.

17 Labo bayakhala, uJehova uyezwa;

uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.

18 UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;

uyabasindisa abanomoya odabukileyo.

19 Ziningi izinhlupheko zolungileyo,

kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.

20 Uyawagcina onke amathambo akhe;

alaphulwa nelilodwa kuwo.

21 Okubi kuyakumbulala omubi;

abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.

22 UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;

akakho kwabamethembayo oyakuba necala.