AMAHUBO 32

Ukuvuma izono nokuthethelelwa kwazo

ElikaDavide. IMaskili.*

1 Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe,

osono sakhe sisibekelwe.

2 Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko,

kungekho nkohliso emoyeni wakhe.

3 Kwathi ngithule, amathambo ami aguga

ngokububula kwami usuku lonke.

4 Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami,

uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo.Sela*

5 Ngasivuma isono sami kuwe,

angisifihlanga isiphambeko sami;

ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,”

wena wathethelela icala lesono sami.Sela*

6 Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe

ngesikhathi sokukufumana;

impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula,

angafinyeleli kuye.

7 Wena uyindawo yami yokucasha;

uyangilondoloza ngingahlupheki;

ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa.Sela*

8 Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;

ngizakukululeka ngeso lami.

9 Ningabi njengehhashi nembongolo engenangqondo;

umkhala netomu yimvunulo yayo yokuyiqondisa,

uma ingasondeli kuwe.

10 Omubi unezinhlupheko eziningi,

kepha othemba uJehova umusa uyakumphahla.

11 Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo,

nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.