AMAHUBO 28

Umkhuleko wocela ukusizwa esandleni sababi

ElikaDavide.

1 Ngikhala kuwe Jehova;

Dwala lami, ungabi yisithulu kimi,

funa kuthi, uma uthula kimi,

ngifane nabashona emgodini.

2 Yizwa izwi lokunxusa kwami,

nxa ngikhala kuwe,

ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.

3 Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubi

abakhuluma ukuthula nabakhelwane babo,

kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.

4 Banike njengokwenza kwabo nanjengobubi bemisebenzi yabo;

banike njengokwenza kwezandla zabo,

baphindisele abakwenzileyo.

5 Ngokuba abayinaki imisebenzi kaJehova

nokwenza kwezandla zakhe;

uyakubadiliza, angabakhi.

6 Makabongwe uJehova,

ngokuba ulizwile izwi lokunxusa kwami.

7 UJehova ungamandla ami nesihlangu sami;

inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa;

ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba;

ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.

8 UJehova ungamandla abantu bakhe;

uyinqaba yensindiso yogcotshiweyo wakhe.

9 Sindisa abantu bakho,

ubusise ifa lakho,

ubaluse,

ubathwale kuze kube phakade.