AMAHUBO 26

Umkhuleko wohlushwa engenacala

ElikaDavide.

1 Ngahlulele, Jehova,

ngokuba ngihamba ekulungeni kwami;

ngithemba uJehova, angiyikuntenga.

2 Ngivivinye, Jehova, ungilinge;

hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.

3 Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami;

ngihamba eqinisweni lakho.

4 Angihlali nabantu bamanga,

angihambelani nezimbulu.

5 Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi,

angihlali nababi.

6 Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala,

ngizungeza i-altare lakho, Jehova,

7 ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa,

ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.

8 Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho

nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.

9 Ungamukisi umphefumulo wami kanye nezoni

nokuphila kwami kanye nabantu begazi

10 abanehlazo ezandleni zabo,

nesokunene sabo sigcwele izipho zenkohliso.

11 Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami;

ngihlenge, ube nomusa kimi.

12 Unyawo lwami lumi ebaleni;

ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.