Ukungena kweNkosi yenkazimulo ethempelini layo
ElikaDavide. Ihubo.
1 Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo,
izwe nabakhileyo kulo.
2 Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle,
wawumisa phezu kwemifula.
3 Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova,
ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na?
4 Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo,
ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni
nongafungi ngenkohliso.
5 Uyakwamukela isibusiso kuJehova
nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.
6 Yilesi esiyisizukulwane sabamfunayo;
bona abasinga ubuso bakho bangabantwana bakaJakobe.Sela*
7 Phakamisani, masango,
izinhloko zenu;
nani minyango yaphakade,
phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.
8 Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?
InguJehova onamandla, oyiqhawe,
uJehova oyiqhawe lokulwa.
9 Phakamisani, masango,
izinhloko zenu;
nani minyango yaphakade,
phakamani
ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.
10 Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?
UJehova Sebawoti
nguyena oyiNkosi yenkazimulo.Sela*