AMAHUBO 24

Ukungena kweNkosi yenkazimulo ethempelini layo

ElikaDavide. Ihubo.

1 Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo,

izwe nabakhileyo kulo.

2 Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle,

wawumisa phezu kwemifula.

3 Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova,

ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na?

4 Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo,

ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni

nongafungi ngenkohliso.

5 Uyakwamukela isibusiso kuJehova

nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.

6 Yilesi esiyisizukulwane sabamfunayo;

bona abasinga ubuso bakho bangabantwana bakaJakobe.Sela*

7 Phakamisani, masango,

izinhloko zenu;

nani minyango yaphakade,

phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.

8 Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?

InguJehova onamandla, oyiqhawe,

uJehova oyiqhawe lokulwa.

9 Phakamisani, masango,

izinhloko zenu;

nani minyango yaphakade,

phakamani

ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.

10 Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?

UJehova Sebawoti

nguyena oyiNkosi yenkazimulo.Sela*