AMAHUBO 23

UJehova ungumalusi omuhle

Ihubo likaDavide.

1 UJehova ungumalusi wami,

angiyikuswela.

2 Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza;

uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.

3 Ubuyisa umphefumulo wami;

uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.

4 Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,

angesabi okubi, ngokuba wena unami,

intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

5 Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami;

ugcoba ikhanda lami ngamafutha;

indebe yami iyachichima.

6 Impela okuhle nomusa kuyakungilandela

imihla yonke yokuphila kwami;

ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.