AMAHUBO 21

Abakwa-Israyeli bambonga uNkulunkulu ngokusinda kwenkosi yabo

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1 Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho;

iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.

2 Uyinikile njengokwenhliziyo yayo,

nesicelo sezindebe zayo awusinqabanga.Sela*

3 Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle;

wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.

4 Yacela ukuphila kuwe,

wayinika khona,

izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.

5 Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho;

udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.

6 Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade;

uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.

7 Ngokuba inkosi iyethemba uJehova,

nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.

8 Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho;

esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.

9 Uyakubenza babe njengesithando somlilo,

nxa ubonakalisa ubuso bakho;

uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe,

umlilo uyakubaqeda.

10 Isithelo sabo uyakusichitha emhlabeni

kanye nenzalo yabo phakathi kwabantwana babantu.

11 Ngokuba babehlosa okubi,

baceba icebo;

kepha bayahluleka.

12 Ngokuba uyakubafulathelisa;

ngosinga lomnsalo wakho uyakukhomba ebusweni babo.

13 Mawuphakame, Jehova,

emandleni akho;

thina siyakuhlabelela, sidumise amandla akho.