AMAHUBO 147

Ukudumisa uJehova, uSomandla noMninimusa

1 Haleluya!

Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi;

ukudumisa kufanele.

2 UJehova uyalakha iJerusalema;

abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.

3 Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;

izilonda zabo uyazibopha.

4 Uyabala inani lezinkanyezi,

azibize zonke ngamagama.

5 INkosi yethu inkulu,

makhulu amandla ayo;

ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.

6 UJehova uyaphakamisa abathobekileyo;

ababi uyabawisa phansi emhlabathini.

7 Hubelani uJehova ngokubonga,

nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,*

8 osibekela izulu ngamafu,

olungisela umhlaba imvula,

ohlumisa utshani ezintabeni.

9 Unika izinkomo ukudla kwazo,

namazinyane egwababa akhalayo.

10 Akathokozi ngamandla ehhashi,

akajabuleli imilenze yomuntu.

11 UJehova uyathokoza ngabamesabayo,

abathemba umusa wakhe.

12 Jerusalema, mbabaze uJehova;

Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho.

13 Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango;

ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.

14 Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho;

uyakusuthisa ngokolweni omuhle.

15 Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni;

izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu.

16 Uyanika iqhwa njengoboya;

uhlakaza isithwathwa njengomlotha.

17 Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu;

ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?

18 Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise;

uyavusa umoya wakhe,

amanzi agobhoze.

19 Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe,

izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.

20 Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa:

izahlulelo zakhe asizazi.

Haleluya!