AMAHUBO 146

Ukudumisa uJehova, umsizi olungileyo

1 Haleluya!

Dumisa uJehova, mphefumulo wami.

2 Ngisaphila ngiyakumdumisa uJehova,

ngihube kuNkulunkulu wami ngisekhona.

3 Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu

okungekho kuyo ukusiza.

4 Umoya wakhe uyaphuma,

yena abuyele emhlabathini wakhe;

ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela.

5 Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe,

othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe

6 owenzile izulu nomhlaba,

nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho,

ogcina iqiniso kuze kube phakade;

7 obenzela abacindezelweyo ukwahlulela,

obapha abalambileyo ukudla;

uJehova uyakhulula iziboshwa.

8 UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone;

uJehova uyavusa abathotshisiweyo;

uJehova uyathanda abalungileyo.

9 UJehova uyalondoloza abafokazi;

uyaphasa intandane nomfelokazi;

kepha indlela yababi uyayiphambanisa.

10 UJehova uyabusa kuze kube phakade,

uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Haleluya!