AMAHUBO 142

Ukukhalela ukusindiswa ebudlwangudlwangwini babazingelayo

IMaskili* likaDavide esemhumeni. Umkhuleko.

1 Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami,

ngincenga uJehova ngezwi lami.

2 Ngiyathulula ebusweni bakhe isikhalo sami,

ngibonakalisa kuye inhlupheko yami.

3 Lapho umoya wami udangala phakathi kwami,

wena uyawazi umkhondo wami;

endleleni engihamba ngayo

bangifihlele ugibe.

4 Bheka ngakwesokunene sami,

ubone ukuthi akakho onginakekelayo;

isiphephelo singiphuthele,

akakho okhathalela umphefumulo wami.

5 Ngikhala kuwe Jehova, ngithi:

“Wena uyisiphephelo sami

nesabelo sami ezweni labaphilayo.”

6 Lalela ukukhala kwami,

ngokuba ngicindezelekile kakhulu;

ngikhulule kubo abangizingelayo,

ngokuba banamandla kunami.

7 Khipha umphefumulo wami etilongweni

ukuba ngibonge igama lakho;

abalungileyo bayakungizungeza,

ngokuba uyakungiphatha kahle.