AMAHUBO 138

Ukubonga uJehova omkhulu omnene

ElikaDavide.

1 Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke;

phambi kwawonkulunkulu ngiyakukuhubela.

2 Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele,

ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho,

ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.

3 Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula;

wangiqunga isibindi,

wangipha amandla emphefumulweni wami.

4 Onke amakhosi omhlaba ayakukubonga, Jehova,

lapho ezwile amazwi omlomo wakho.

5 Yebo, ayakuhlabelela ngezindlela zikaJehova,

ngokuba inkulu inkazimulo kaJehova.

6 Ngokuba noma uJehova ephakeme,

uyanakekela nokho ophansi;

uyamazi ozidlayo ekude.

7 Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko,

uyakungiphilisa;

uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami,

esokunene sakho singisindise.

8 UJehova uyakufeza okwami;

Jehova, umusa wakho umi phakade;

ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.