AMAHUBO 136

Ukubonga uJehova ngezimangaliso zakhe nomusa wakhe ongunaphakade

1 Bongani uJehova, ngokuba muhle,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2 Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

3 Bongani iNkosi yamakhosi,

ngokuba umusa wayo umi phakade;

4 yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

5 owenzile izulu ngokuhlakanipha,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

6 owendlala umhlaba phezu kwamanzi,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

7 owenza izinkanyiso ezinkulu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

8 ilanga ukuba libuse emini,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

9 inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

10 owalishaya iGibithe, amazibulo alo,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

11 owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

12 ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

13 owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

14 owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

15 owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

16 owahola abantu bakhe ehlane,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

17 owashaya amakhosi amakhulu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

18 owabulala amakhosi adumileyo,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

19 uSihoni inkosi yama-Amori,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

20 no-Ogi inkosi yaseBashani,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

21 owanika izwe labo laba yifa,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

22 laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

23 owasikhumbula sisephansi,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

24 owasikhulula ezitheni zethu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

25 onika inyama yonke ukudla,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

26 Bongani uNkulunkulu wezulu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.