AMAHUBO 134

Isibusiso sikaJehova phezu kwabambongayo uJehova

Igama lokukhuphuka.

1 Bhekani, nibonge uJehova

nina nonke zinceku zikaJehova

enimi endlini kaJehova ebusuku.

2 Phakamiselani izandla zenu endlini engcwele,

nimbonge uJehova.

3 UJehova makakubusise eseSiyoni,

yena owenzile izulu nomhlaba.