Isibusiso sikaJehova phezu kwabambongayo uJehova
Igama lokukhuphuka.
1 Bhekani, nibonge uJehova
nina nonke zinceku zikaJehova
enimi endlini kaJehova ebusuku.
2 Phakamiselani izandla zenu endlini engcwele,
nimbonge uJehova.
3 UJehova makakubusise eseSiyoni,
yena owenzile izulu nomhlaba.