Ukuzithobela uJehova
Igama lokukhuphuka. ElikaDavide.
1 Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali,
amehlo ami awaziphakamisi;
angingeni ezindabeni ezinkulu
nasezintweni ezingahlulayo.
2 Ngiduduzile, ngawuthulisa umphefumulo wami;
njengomntwana olunyuliweyo kunina,
njengolumulekileyo,
unjalo umphefumulo wami phakathi kwami.
3 Israyeli, yethemba uJehova
kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.