Ubuthakathaka bezitha zeSiyoni
Igama lokukhuphuka.
1 Bangihluphile kaningi kwasebusheni bami,
makasho njalo u-Israyeli.
2 Bangihluphile kakhulu,
nokho abangahlulanga.
3 Abalimi balima emhlane wami,
benza ibe mide imisele yabo.
4 UJehova ulungile;
unqumile izintambo zababi.
5 Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva
bonke abazonda iSiyoni.
6 Mababe njengotshani ophahleni,
obubuna bungakakhuli.
7 Ovunayo akagcwalisi ngabo isandla sakhe,
nobopha izinyanda izingalo zakhe.
8 Abadlulayo abasho ukuthi:
“Isibusiso sikaJehova masibe phezu kwenu;
siyanibusisa egameni likaJehova.”