AMAHUBO 128

Inhlanhla yekhaya lomuntu oqotho

Igama lokukhuphuka.

1 Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova,

abahamba ngezindlela zakhe.

2 Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho;

uyakuba nenhlanhla nempumelelo.

3 Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho,

abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo,

bezungeza itafula lakho.

4 Ngokuba bheka,

kanjalo iyakubusiswa indoda

emesabayo uJehova.

5 UJehova makakubusise eseSiyoni;

uyakubona inhlanhla yaseJerusalema

zonke izinsuku zokuphila kwakho.

6 Uyakubona abantwana babantwana bakho.

Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.