AMAHUBO 117

Izizwe zonke mazibonge uJehova

1 Dumisani uJehova nina bezizwe zonke,

nimbabaze nina bantu bonke.

2 Ngokuba umusa wakhe mkhulu kithina;

iqiniso likaJehova limi phakade.

Haleluya!