AMAHUBO 112

Inhlanhla yomesabayo uNkulunkulu

1 Haleluya!

Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova,

othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.

2 Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni;

isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.

3 Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe;

ukulunga kwakhe kumi phakade.

4 Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni:

umusa, nobubele, nokulunga.

5 Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,

esekela izindaba zakhe ngokulunga.

6 Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade;

olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.

7 Akesabi imibiko emibi;

inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova.

8 Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi,

aze azibuke izitha zakhe ziphansi.

9 Uyaphana, uyabanika abampofu;

ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade;

uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.

10 Omubi uyakukubona, acunuke,

agedle amazinyo akhe, abesephela;

isifiso sababi siyakubhubha.