Indlela engenacala yababusi
ElikaDavide. Ihubo.
1 Ngizakuhlabelela ngomusa nokwahlulela,
ngikudumise wena Jehova.
2 Ngizakuqaphelisisa indlela engenacala.
Uyakuza nini kimi na?
Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala.
3 Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi;
ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda;
akuyikunamathela kimi.
4 Inhliziyo ephambeneyo iyakusuka kimi;
omubi angiyikumazi.
5 Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda;
onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.
6 Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba
ukuba bahlale nami;
ohamba endleleni engenacala uyakungikhonza.
7 Osebenza ukukhohlisa akayikuhlala endlini yami;
okhuluma amanga akayikuma phambi kwamehlo ami.
8 Ekuseni imihla ngemihla ngiyakubaqeda bonke ababi bomhlaba,
ukuze nginqume emzini kaJehova bonke abenzi bokubi.